ZU/Prabhupada 0005 - Prabhupada's Life In 3 Minutes



Interview -- September 24, 1968, Seattle

Intatheli: Ungathanda ukungitshela okuthile ngesizinda sakho? Ukuthi, wafundiswa kuphi, waba ngumfundi ka-Kṛṣṇa njani.

Prabhupāda: Ngazalwa futhi ngafundiswa khona e-Calcutta. E-Calcutta kusekhaya. Ngazalelwa ngo-1896, futhi ngithandwa kakhulu ubaba wami, manje ngaqala ufundiswa isikhathi sesishona, kodwa, ngangifundiswe kwisikole sabaqala, nesikole sebanga eliphezulu iminyaka eyisishiyagalombili. Kwisikole sabaqala, iminyaka emine, kwisikole sebanga eliphezulu iminyaka eyisishiyagalombili. nase-kholiji iminyaka emine. Ngaze ngabandakanya nabalandeli baka-Gandhi, ukunyakaza kazwelonke. Kodwa ngenhlanhla ngahlangana ne-Guru Mahārāja, umfundisi wami wezomoya ngo 1922. Usukela lokho, ngadonseka kulo kulandelana, ngaze ngayeka ubomi bami bekhaya. Ngashada ngo-1918 ngisafunda unyaka wesithathu ekholijini. Ngathola izingane zami. Ngiqhuba ibhizinisi. Ngaze ngashiyela impilo yekhaya ngo-1954. Iminyaka emine ngahlala ngedwa, ngaphandle komndeni. Ngaze ngaqala ngathatha impilo yomfundisi ngo-1959. Ngaze ngazinikeza ngabhala izincwadi. Ngaze ngaqala ngashicilelwa ngo-1962, bese futhi kwakukhona izincwadi ezintathu, ngaqala ngeza ezweni lakho ngo-1965 ngafika lapha ngo-Septembha ka-1965. Kusukela ngaleso sikhathi, ngizama ukushumayela olu lwazi lwe- Kṛṣṇa Consciusness e America, Canada, nasemazweni aseYurophu. Futhi kancane kancane nezikhungo zethu ziyakhula. Nabalandeli bayanda. Ake ngibone ukuthi kuzo kwenzekani.

Intatheli: Wabangumlandeli wena njani? Wawuyini, okanye wenzani ukuba ngumlandeli?

Prabhupāda: Kuyafana, njengoba nganitshela, ukholo. Omunye umngan wami, wanginyaznzela ukuthi siyobona umkhokheli wami wezomoya. Masengikhulume naye umkhokheli wami, wangingenisa Usukela ngoko, kwaqala khona.